Zabosaziwako

Babalwa Mneno Uqalisa Uhambo Lokuhlanza Isikhumba

Babalwa Mneno Uqalisa Uhambo Lokususa Ukungalingani Kwebala Lesikhumba Sakhe

Njengombono othandwa banengi uthi, isikhumba esihle sidinga ukuzinikela, hhayi umlingo.

Emva kweminyaka elandelene enganaki isikhumba sakhe, Babalwa Mneno angafakaza ngalokho.

Wake waba nesikhumba esihle kakhulu, kodwana njenganje usehlangabezana nokushintsha kombala ezindaweni ezingezansi kwamehlo kuye emaceleni kobuso.

“Ngiminyaka eminingi nginganaki isikhumba sami ngoba bengikholelwa ukuthi nginesikhumba esihle kakhulu.

Bengilala ngine-make up nsuku zonke, futhi angikaze ngibe ne-pimple noma inkinga yokulala ngine-make up

Kodwa-ke manje ngokuhamba kweminyaka, ukungasebenzisi i-sunscreen, nokusebenza ebusuku, isikhumba sami sesonakele,” kusho uBabalwa.

Lo mdlali, imodeli, umnikazi webhizinisi kanye nesithombe esidumile uthe izinkinga zesikhumba zaqala njengezindawo ezincane ezifana nama-freckles, zabe sezisabalala ukusuka ngaphansi kwamehlo ziye emahlombe wobuso womabili.

Waqala-ke ukuthembela ku-foundation ukufihla leyo ndawo, wasebenzisa nama-cream, ama-face wash kanye nemikhiqizo ehlukahlukene ngaphandle kokuthola umphumela.

Njengamanje uBabalwa useqalile ukwelashwa nguDkt. Nadia Dannhauser, omenze waba nemikhiqizo ethile esiza isikhumba sakhe.

Uthi useyabona umehluko kancane kancane, futhi akasabekezeli ukwabelana ngeminye imininingwane njengoba uhambo lwakhe luqhubeka.