Zakumabonakude

ULawredo Ulandisa Ngothando Aluthole Kubalandeli ❤

ULawredo wabelane ngomuzwa wakhe ngemva kokukhutshwa endlini yeBig Brother Mzansi, echaza indlela uthando lwabalandeli olumphakamise ngayo umoya.

Ube ngowokuqala ukungena endlini, wabuye waba ngowokuqala ukuphuma ngevoti, walandelwa ngumngani wakhe uOfentse naye okhutshiwe.

Nakuba ukuphuma kungajabulisi, wavuma bona inhliziyo yakhe ibisinda ekuqaleni.

Konke lokho kwaguquka ngesikhathi ebuyiselwa ifoni yakhe, waqala ukufunda imilayezo yabalandeli.

Uthe uthando oluvela kumaWhatsApp, kumaDM nasemazwaneni lumethuse kakhulu.

Wabonga wonke umuntu omsekile, wamkhuthaza, wamkhombisa amazwi amahle ngesikhathi esinzima.

ULawredo uthe imilayezo imkhumbuze bona uhambo lwakhe, nanyana lube lufitjhani, belinentsingiselo.

Uphinde wabonga ithimba lakhe elibiphethe amakhasi akhe ezokuxhumana, elikhankasela ukuvotelwa kwakhe, limsekela ngesikhathi engekho.

Uthe uyabazisa khulu imizamo yabo.
Uthe akazukuya bukhoma ngalobo busuku, ufuna ukuhlala amazwi othando.

Njengamanje useJoburg, ufuna ukuphumula kancani ngaphambi kokubuyela ekhaya.

Ekugcineni wabonga wonke umuntu ovotile, wamukela ukwesekwa, wathi lencwadi ivaliwe kodwa uhambo luyaqhubeka.

Uveze bona ukubuyela emphakathini kumfundise ukubaluleka kokwesekwa, ukubekezela nokuzithoba, wathi uthando alutholile luzomkhuthaza emisebenzini ezayo.

Emodelini, ezinhlelweni zethelevishini nasekuphileni kwakhe kwansuku zonke, ngoba abalandeli bamnike amandla, isibindi nethemba elisha.

Okumqinisekisa bona ikusasa lisavulekile, amathuba asemningi, nezifundo azitholile zizomqondisa ngendlela engcono.

Nangemva kokuphuma, uLawredo uzimisele ukuqhubeka nokwakha igama lakhe, axhumane nabalandeli, asebenze ngokuzikhandla, agcine inhlonipho.

Futhi abonge njalo labo abame eduze kwakhe ngesikhathi sokuphila kwakhe kwesikhathi esizayo nesiphelele sokusebenza nokukhula okuqhubekayo.