Bayarhwebana ku-inthanethi..Ngabe kusukelaphi?
UBlue Aiva, igama lakhe langempela uTebatso Mokoana, wazakhela igama emculweni ngaphambi kokungena kuBig Brother Titans isizini yokuqala.
Ngemva kokuvela kwakhe kulombukiso, wasebenza ngokuzimisela ekwakheni ikhono lakhe lokuba nguDJ nomculi, egxila ekuthuthukiseni umsebenzi wakhe nsuku zonke.
NgoZibandlela ka2023 wakhupha i-albhamu yakhe yokuqala, ngesikhathi samaholide, wathi indlela yokuyiqamba ibigcwele imizamo, izinyembezi nokungalali.
Wabonga uNkulunkulu ngamandla okumelela konke abhekana nako endleleni yakhe.
Njengo DJ, uBlue waqala ukuthola amathuba amanengi, eqashwa emicimbini emikhulu ngaphakathi kweSewula Afrika nangaphandle kwelizwe.
Kodwa njengokujwayelekile embonini yezokuzijabulisa, impumelelo ihamba nezigxeki.
Kunesithombe sevidiyo yakudala lapho adlala khona umculo egqoke izingubo zakhe ezijwayelekile, edansa ngendlela yakhe, kuthi isixuku sibonakale singaphenduli.
Lokho kwenza abanye bamgcone njalo.
Umsebenzisi othile wezokuxhumana uhlale eyibuyisa levidiyo, emsola ngokuzama kakhulu ukuheha isixuku.
Muva nje uyiphinde wayithumela, kwase kucasula uBlue. Waphendula ngamazwi aqondile, ethi levidiyo isetshenziswa ukwenza inzuzo.
Wabuye wagcizelela bona usebenza emazweni amanengi njengomDJ wamazwe ngamazwe.
Uthe abakade bemgcona kumele babheke intuthuko yakhe yamanje, umsebenzi awenzayo, nemiphumela ayizuzile.
UBlue waveza ukuthi ukukhula kuthatha isikhathi, amaphutha ayingxenye yendlela, kanti ukuzethemba kumenze waqhubeka nokulwa namazwi adicilelayo.
Abalandeli bakhe abanengi bamsekela, bembonga ngesibindi, ukuzimisela, nokungapheli amandla.
Lokhu kukhombisa ukuthi impumelelo ayimi, iyakhula, kanti abaqotho bayabonakala lapho ubunzima buvela.
UBlue uqhubeka nokukhanyisa indlela yabesifazane emculweni waseMzansi namhlanje ngesibindi, ngamandla, nangokuzethemba okuqinile Namandla.

