EzisematheniZakumabonakude

UIlano Ushiye Umkhondo Ongasoze Wakhohlakala

Iviki lesikhombisa lohlelo le-Big Brother Mzansi libone uIlano aphuma endlini ngaphambi kokumenyezelwa kwabanguTop 10.

Nanyana kunjalo, kuye lolu hambo belungasikho nje ukufinyelela esiphethweni, kodwa bekumayelana nokutjengisa ukuthi ungubani nokuletha amandla akhe emphakathini.

UIlano oneminyaka ema-22 ubudala, ongumuntu wezemibono nezobuciko, akazange abe khona nje endlini; wenza ubukhona bakhe bazwakale.

Ulethe amandla, ubuntu nemizuzu ekhunjulekako eyenze ababukeli baqhubeka bakhuluma ngaye.

Bekaziwa nangokuhlala ebukeka ahlobile, izinwele nezimonyo zakhe zihlala zilungile.

Ngaphandle kwalokho, waba ngomunye wabahlali ababethandwa ngokupheka ukudla okumnandi okwakwenza abanye balandele ekhishini.

Noma ebegqoke ubuhle obugcwele noma epheka, bekubonakala ukuthi uyakwazi ukuthatha indawo yakhe ngaphandle kokwesaba.

Ukhulume ne-Independent Media Lifestyle wathi ukungena endlini njengomuntu wokuqala oveza ngokusobala ukuthi ungowesifazane oguqule ubulili bekuyinto ayilungiselele kusese kudala.

Uthe wayezilungiselele ngokwengqondo, ngokomzimba nangokwemizwa ngaphambi kokungena endlini. Uphinde wathi akazange angene nesu njengabanye.

Uthe yena wanquma ukungena abe nguyena kuphela, anikele iSewula Afrika amandla akhe aqotho, ubuntu bakhe kanye nesibindi sakhe.

Naphezu kobunzima bokujwayela amakhamera aqaphela yonke into, uIlano uthe ekuqaleni kwakumangaza.

Uthe ngosuku lwesibili wabona ikhamera ibhekene naye wazizwa engakhululekile.

Kodwa ngokuhamba kwesikhathi wajwayela indawo, wagcina esekhohlwa nokuthi amakhamera akhona endlini.