Zabosaziwako

Inja ye Game iyakhunjulwa namhlanje! 🐐

Sekuphele cishe iminyaka emithathu selokhu kwadlula emhlabeni ngendlela ebuhlungu uKiernan Forbes, owaziwa kakhulu ngoAKA, kodwa kusebuhlungu ukukwamukela lokho.

Umndeni wakhe, izihlobo, abangani kanye nabalandeli basaqhubeka nokulila ukulahlekelwa okukhulu nokudabukisayo.

Ilanga lanamhlanje libe yilona ebekungaba lusuku lwakhe lokuzalwa lweminyaka engu-38, okwenza kube isikhathi esixubile senjabulo nobuhlungu.

Kuyilanga lokumkhumbula, ukumhlonipha nokubonga igalelo alenze, kodwa futhi kube yisikhathi sokwamukela iqiniso lokuthi akasekho emhlabeni.

Ekhasini lakhe le-Instagram, abalawuli bekhasi babikele umphakathi ngelanga lakhe lokuzalwa, bagcizelela umthelela omkhulu awushiyile emculweni waseNingizimu Afrika.

Bathe namhlanje isizwe siyama sibungaza indodana yomhlabathi eyayiphethe izwe layo noma ngabe ikuphi.

Izwi lakhe labanika ukuzethemba abantu, umculo wakhe wanika isizwe ubuwena, kanti ifa lakhe lisaqhubeka nokukhuthaza izizukulwane ngezizukulwane.

Nakuba engasekho ngomzimba, umoya wakhe uphila kuwo wonke amazwi, izinkumbulo namaphupho awasiza ukuwakha.

U-AKA ungama-38 ngomoya, unomphelo ngefa, uSupa Mega uyaqhubeka ephila ezinhlweni zabantu.

ULynn Forbes ubelokhu eveza ukuthi ukulahlekelwa kumfundise ukubekezela, ukuthobeka nokubaluleka kothando lomndeni.

Uthe ifa lendodana yakhe aligcini emculweni kuphela, kodwa lisemfundisweni yokuphila ngokweqiniso, ukuqina ezikhathini ezinzima nokuphakamisa abanye.

Lokhu kumenze waqhubeka nokwabelana ngothando, ithemba nokukhanya kulabo abasakhulayo.

Uqhubeka nokukhuthaza abantu ukuthi bangalilahli ithemba, bahloniphe amathalente abo, futhi bagcine izinkumbulo zabathandekayo ziphila njalo ezinhliziyweni zabo.

Lokho kube yindlela yakhe yokuphila nokuqhubekela phambili. Njalo njalo